YouVersion Logo
Search Icon

1 iziKronike 16

16
Iminikelo namahubo ekungenisweni komphongolo eJerusalema
1 Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi netende uDavide ayelimisele wona; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu. 2 UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wababusisa abantu egameni likaJehova. 3Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, isinkwa saba sinye, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo.
4Wabela amaLevi athile ukukhonza phambi komphongolo kaJehova ukuba amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli: 5ngu-Asafa inhloko nabesigaba sakhe sesibili, oZakariya, noJehiyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noMatithiya, no-Eliyabe, noBenaya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, benezingubhu namahabhu,* kanye no-Asafa ephethe amasimbali,* ewabetha, 6noBenaya noJahaziyeli abapristi, benamacilongo njalo phambi komphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.
Ihubo likaDavide
7Ngalolo suku uDavide wayeseqala ukuhlela ukuba uJehova abongwe ngesandla sika-Asafa nabafowabo.
8 Bongani uJehova,
nibize igama lakhe,
nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.
9Hlabelelani kuye, nimhubele,
nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.
10Zibongeni egameni lakhe elingcwele;
mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.
11Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.
12 Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,
nezibonakaliso zakhe,
nezahlulelo zomlomo wakhe,
13nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe,
nina bantwana bakaJakobe,
abakhethiweyo bakhe.
14Yena unguJehova uNkulunkulu wethu;
izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.
15Khumbulani isivumelwano sakhe kuze kube phakade,
izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,
16 avumelana kuso no-Abrahama,
nesifungo sakhe ku-Isaka;
17wasiqinisa kuJakobe,
saba ngumthetho,
naku-Israyeli,
saba yisivumelwano esiphakade,
18 ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani
libe yisabelo sefa lakho,
19lapho naniyingcosana ngomumo,
yebo, lapho naniyingcosana,
futhi naniyizihambi kulo.”
20Bazulazula ezizweni ngezizwe,
besuka kulo mbuso,
beya kwabanye abantu.
21 Akavumelanga muntu ukubahlupha,
wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
22ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami,
ningoni abaprofethi bami.”
23 Hlabelelani kuJehova,
mhlaba wonke,
nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
24Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,
izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
25 Ngokuba mkhulu uJehova,
udumisekile kakhulu;
uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
26Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,
kepha uJehova walenza izulu.
27Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;
amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.
28Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,
mnikeni uJehova inkazimulo namandla.
29 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,
nilethe umnikelo,
nize phambi kwakhe,
nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.
30Thuthumelani ebusweni bakhe,
mhlaba wonke;
izwe lihlala liqinile,
alinakushukunyiswa.
31 Malijabule izulu, umhlaba uthokoze;
makuthiwe ezizweni:
UJehova uyinkosi.
32 Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo,
amasimu ename nakho konke okukuwo.
33Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabula
ebusweni bukaJehova,
ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.
34 Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
35 Thanini: “Sisindise,
Nkulunkulu wokusindiswa kwethu,
usibuthe, usophule kwabezizwe
ukuba sidumise igama lakho elingcwele,
sethabe ekukudumiseni.”
36 Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli,
kusukela phakade kuze kube phakade.
Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uJehova.
37Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla, 38kanye no-Obede Edomi nabafowabo abangamashumi ayisithupha nesishiyagalombili u-Obede Edomi indodana kaJeduthuni noHosa babe ngabalindisango 39 noSadoki umpristi nabafowabo abapristi ngaphambi kwetabernakele* likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni 40 ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli, 41bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade; 42kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali* alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.
43 Base behamba baya, kwaba yilowo nalowo endlini yakhe; uDavide wabuya ukubusisa indlu yakhe.

Currently Selected:

1 iziKronike 16: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy