YouVersion Logo
Search Icon

1 kwabaseKorinte 8

8
Isichasiselo ngenyama yokuhlatshelwe izithombe
1 Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinokwazi. Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha. 2 Uma umuntu ethi wazi utho, kakazi njengokuba kufanele ukuba azi; 3 kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.
4 Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela. 5Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini nokuba kusemhlabeni, njengokuba bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi, 6 nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.
7 Kepha lokho kwazi akukho kubo bonke. Kodwa abanye, lokhu bejwayelene nezithombe kuze kube manje, bakudla njengokuhlatshelwe isithombe, nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola. 8 Kepha ukudla akusisondezi kuNkulunkulu; ngokuba noma singadli, asilahlekelwa lutho; noma sidla, asizuzi lutho. 9 Qaphelani kodwa, funa leli lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka. 10Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo osebuthakathaka akayikududeka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe, na? 11 Khona obuthakathaka useyabhubha ngenxa yokwazi kwakho, engumzalwane amfelayo uKristu. 12Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, niyona kuKristu. 13 Ngalokhu uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.

Currently Selected:

1 kwabaseKorinte 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy