YouVersion Logo
Search Icon

1 kwabaseThesalonika 5

5
Usuku lweNkosi kalwaziwa. Amakholwa kahlale elulindele kanye nensindiso
1Kepha ngezikhathi nangemizuzu, bazalwane, anisweli ukulotshelwa, 2 ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. 3 Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.
4 Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela, 5 ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama; 6 ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde. 7Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku; 8 kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa; 9 ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu 10 owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye. 11 Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
Mabazise abaholi babo, balulekane
12 Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo, 13nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula. 14 Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke. 15 Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.
16 Thokozani njalo; 17 khulekani ningaphezi; 18 kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani. 19 Ningamcimi uMoya; 20 ningakudeleli ukuprofetha; 21 vivinyani konke, nibambisise okuhle; 22dedani kukho konke okubonakala kukubi.
Isigcino
23 Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu. 24 Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
25 Bazalwane, sikhulekeleni. 26 Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele. 27 Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane.
28 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy