YouVersion Logo
Search Icon

2 kwabaseKorinte 9

9
Ngokunikela nangesibusiso esivela ngokunikela
1 Ngokuba maqondana nokukhonza abangcwele akuswelekile ukuba nginilobele, 2 ngokuba ngiyalwazi uthando lwenu engizincoma ngalo ngani kwabaseMakedoniya, uma ngithi i-Akhaya lase lizilungisele kwanyakenye nokuthi ukushisekela kwenu kuvusile iningi labo. 3 Kepha ngithumile abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungenziwa ize maqondana nalokhu, ukuze kuthi njengokusho kwami nibe senilungisele, 4funa uma ngabe kufika kanye nami abaseMakedoniya, banifumane ningakabi nilungisele, sijabhe thina – singasaniphathi nina – ngaleli themba. 5Ngalokho-ke bengithi kudingeka ukuba ngincenge abazalwane ukuba bandulele ukuza kini, balungisele ngaphambili isipho senu esathenjiswa ngaphambili, sona sihlale silungisiwe, sibe njengesesibusiso, singabi njengesokuncishana.
6 Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. 7 Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza. 8 Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle, 9 njengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Wahlaphaza, wapha abampofu;
ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.”
10 Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu, 11ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
12 Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi, 13lokhu ngokuvivinyeka kwale nkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivangeli likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke, 14banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini. 15Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo.

Currently Selected:

2 kwabaseKorinte 9: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy