YouVersion Logo
Search Icon

2 kaPetru 2

2
UPetru uxwayisa ngabafundisi bamanga
1 Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo; 2 nabaningi bayakulandela amanyala abo; ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa; 3 nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.
4 Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni, emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa, 5 nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu; 6 nemizi yaseSodoma neGomora wayahlulela wayichitha ngokuyiphendula umlotha, eyenza ibe yisiboniso kubo abangayikumesaba uNkulunkulu; 7 noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa – 8 ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo, ehlala phakathi kwabo, wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho – 9 iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe, 10ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa, bedelela ubukhosi; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo, 11kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi. 12Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo, 13bamukele umvuzo wokungalungi. Labo bathi ukutamasa emini kungukujabula; bayizisihla nezinsolo, bezitika ekukhohliseni kwabo bedla nani; 14benamehlo agcwele ukuphinga nangayeki izono, bayenga imiphefumulo engaqinile, benenhliziyo ejwayele ukufisa, abantwana bokuqalekiswa, 15 beshiya indlela eqondileyo beduka, belandela indlela kaBalami kaBeyori owathanda umvuzo wokungalungi, 16 kepha waba nokusolwa ngenxa yokweqa kwakhe umthetho: imbongolo eyisimungulu yakhuluma ngezwi lomuntu, yanqabela ukuhlanya komprofethi.
17Labo bayimithombo engenamanzi nezinkungu eziqhutshwa yisiphepho, abagcinelwe ubumnyama bobumnyama. 18Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka; 19 bebathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho. 20 Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala. 21 Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe. 22 Kubehlele njengokwesaga esiqinisileyo esithi: “Inja yabuyela ebuhlanzweni bayo,” nokuthi: “Ingulube igezwe qede yaphindela ukuzibhixa odakeni.”

Currently Selected:

2 kaPetru 2: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy