YouVersion Logo
Search Icon

2 kwabaseThesalonika 3

3
Izicelo nezifiso neziluleko zikaPawulu
1 Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini, 2 nokuba sikhululwe kubantu abadukileyo nababi; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke. 3 Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi. 4 Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza. 5Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.
6 Kodwa siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu ukuba nizahlukanise nabazalwane bonke abahamba ngokungafanele, bengahambi ngomyalo eniwamukele kithina. 7 Ngokuba nani niyazi ngokwenu ukuthi kufanele ukuba nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu, 8 asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sadla ngokukhandleka nangokukhathazeka, sisebenza ubusuku nemini ukuba singasindi muntu kini, 9 kungengokuba singenalo ilungelo, kodwa ukuze sizinikele sibe yisibonelo kini sokuba nisilingise. 10Ngokuba nalapho sisekini, saniyala ngalokhu ukuthi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”
11Ngokuba sizwa ukuthi abanye phakathi kwenu bahamba ngokungafanele, bengasebenzi lutho, kepha benza okuyize nje; 12 abanjalo siyabayala sibaluleka eNkosini uJesu Kristu ukuba basebenze ngokuthula, badle esabo isinkwa. 13 Kepha nina bazalwane, ningadinwa ngukwenza okuhle.
14 Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni; 15 kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.
16 Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
Isigcino
17 Ngiyakhonza ngesandla sami mina Pawulu, okuluphawu ezincwadini zonke; ngiloba kanjalo.
18Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy