YouVersion Logo
Search Icon

3 kaJohane 1

1
Isibingelelo
1 Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso.
2Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla. 3 Ngokuba ngathokoza lapha kufika abazalwane befakazela iqiniso lakho, njengokuba uhamba eqinisweni.
Ukungenisa abazalwane
4Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
5Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo 6 abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla; uzakwenza kahle, uma ubaphelekezela ngokufanele uNkulunkulu; 7 ngokuba ngenxa yeGama baphuma bengathathi lutho kwabezizwe. 8Ngalokho-ke thina sifanele ukubamukela abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.
Isibonelo esihle nesibi
9 Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba abe mkhulu phakathi kwabo akasamukeli thina. 10 Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.
11 Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu. 12UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo; nathi-ke siyafakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile.
Isigcino
13 Benginokuningi ebengiyakukulobela khona, kepha angithandi ukukulobela ngoyinki* nosiba; 14kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo.
15Ukuthula makube kuwe. Abahlobo bayakhonza kuwe. Khonza kubo abahlobo ngamagama.

Currently Selected:

3 kaJohane 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy