YouVersion Logo
Search Icon

IzEnzo 15

15
Umhlangano wabaphostoli eJerusalema ngomthetho kaMose
1 Kwehla abathile eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.” 2 Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nokuphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba. 3Ngalokho bephelekezelwe yibandla badabula iFenike neSamariya, balandisa ukuphenduka kwabezizwe, benzela bonke abazalwane intokozo enkulu. 4 Sebefikile eJerusalema bamukelwa yibandla nabaphostoli namalunga, bakubika konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo.
5Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose.
6Base bebuthana abaphostoli namalunga, ukuze bayihlole leyo ndaba. 7 Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe. 8 UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi; 9 futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa. 10 Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na? 11 Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.”
12 Isixuku sonke sathula; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunkulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe. 13Kepha sebethulile, uJakobe wathatha wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni. 14USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe. 15Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe ukuthi:
16 “ ‘Emva kwalokho ngiyakubuya,
ngiyakhe futhi indlu kaDavide ewileyo,
ngibuye ngakhe okudilikileyo kwayo,
ngiyimise,
17ukuze abaseleyo babantu kanye
nabezizwe bonke bayifune iNkosi,
elibizwe phezu kwabo igama lami,’
isho iNkosi ekwenza lokhu,
18okwaziwa kwaphakade.
19“Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu, 20 kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi. 21 Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni* amasabatha ngamasabatha.”
22Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane, 23baloba ngesandla sabo ngokuthi:
Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.
24 Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona, 25kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu, 26abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu. 27Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezo zinto ngomlomo. 28 Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezi zinto ezifunekayo 29zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle.
Salani kahle.
30Ngakho sebemukisiwe behlela e-Antiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi. 31 Sebeyifundile bathokoza ngenduduzo yayo. 32 OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa. 33Sebehlale khona isikhathi, bamukiswa ngabazalwane ngokuthula, babuyela kubo ababathumileyo. 34Kepha kwaba kuhle kuSila ukuba asale khona. 35Kodwa oPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya, befundisa beshumayela izwi leNkosi kanye nabanye abaningi.
Ukwahlukana kukaPawulu noBarnaba
36Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” 37 UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku. 38Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini. 39 Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi.
Uhambo lwesibili lukaPawulu
40Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi. 41Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.

Currently Selected:

IzEnzo 15: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy