YouVersion Logo
Search Icon

KwabaseKolose 3

3
Ukunaka okwaphezulu
1 Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu; 2 nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. 3 Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu; 4 nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.
5 Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe, 6okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu, 7 ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho; 8 kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu; 9 ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, 10nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo, 11 lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.
12 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, 13 nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. 14 Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.
15 Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo. 16 Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga. 17 Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
Ukuphathana kwabomuzi
18 Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
19 Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.
20 Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.
21 Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali.
22 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi. 23Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, 24nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu. 25 Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.

Currently Selected:

KwabaseKolose 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy