YouVersion Logo
Search Icon

Kwabase-Efesu 5

5
UPawulu uxwayisa ngemisebenzi yobumnyama
1 Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, 2 nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.
3 Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele, 4 nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube ngukubonga. 5 Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.
Ukuhamba ekukhanyeni
6 Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. 7Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.
8 Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, 9 ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni, 10 nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini, 11 ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; 12 ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho. 13 Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. 14 Ngalokho uthi:
“Phaphama wena oleleyo,
uvuke kwabafileyo,
uKristu uzakukukhanyisa.”
15 Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, 16 nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. 17Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi. 18 Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, 19 niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, 20 nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, 21 nithobelane ngokumesaba uKristu.
Ukuphathana kwabaganeneyo
22 Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, 23 ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba. 24Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke.
25 Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo 26 ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi, 27 ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala. 28Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. 29Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla; 30ngokuba singamalungu omzimba wakhe. 31 Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. 32 Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla. 33Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.

Currently Selected:

Kwabase-Efesu 5: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy