YouVersion Logo
Search Icon

U-Esteri 5

5
U-Esteri wenzela inkosi noHamani idili
1Kwathi ngosuku lwesithathu u-Esteri wembatha ingubo yobukhosi, wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobukhosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu. 2 Kwathi lapho inkosi ibona u-Esteri inkosikazi emi egcekeni, wafumana umusa emehlweni ayo; inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.
3 Yayisithi inkosi kuye: “Ukhala ngani, nkosikazi Esteri, na? Yini oyifunayo na? Uyakunikwa kuze kube nenxenye yombuso.”
4 Wathi u-Esteri: “Uma kukuhle enkosini, inkosi noHamani mabeze namuhla edilini engiyilungisele lona.”
5Yathi inkosi: “Msheshiseni uHamani ukuba kwenziwe njengezwi lika-Esteri.” Base beya inkosi noHamani edilini alilungisileyo u-Esteri. 6Inkosi yathi ku-Esteri ngasedilini lewayini: “Isicelo sakho siyini na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.”
7Wayesephendula u-Esteri, ethi: “Isicelo sami nengikufunayo nakhu: 8Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi noma kukuhle enkosini ukunginika lokho engikucelayo nokwenza lokho engikufunayo, makuze inkosi noHamani edilini engiyakubalungisela lona; ngiyakwenza kusasa njengezwi lenkosi.”
Ukuziphakamisa nokuthukuthela kukaHamani
9 UHamani waphuma khona ngalolo suku, ethokoza enenhliziyo enhle; kepha lapho uHamani embona uMoridekayi esangweni lenkosi ukuthi akasukumanga, kanyakazanga ngaye, uHamani wagcwala ulaka ngoMoridekayi. 10Kepha uHamani wazibamba, waya ekhaya; wayesethuma, walanda abangane bakhe noZereshi umkakhe. 11 UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe, nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi. 12UHamani wathi futhi: “U-Esteri, inkosikazi, akangenisanga muntu kanye nenkosi edilini alilungisileyo ngaphandle kwami; nakusasa mina ngimenyiwe nguye kanye nenkosi. 13Kepha konke lokho akunganelisi ngalutho kuso sonke isikhathi engilokhu ngibona ngaso uMoridekayi, umJuda, ehlezi esangweni lenkosi.”
14Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye: “Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo, besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini.” Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.

Currently Selected:

U-Esteri 5: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy