YouVersion Logo
Search Icon

UHezekeli 19

19
Isililo ngendlu yakwa-Israyeli
1“Phakamisa wena isililo ngezikhulu zakwa-Israyeli, uthi:
2 “ ‘Unyoko wayeyingonyamakazi enjani
phakathi kwezingonyama!
Yabuthisa phakathi kwamabhongo,
yondla amawundlu ayo.
3 Yakhulisa elinye lamawundlu ayo,
laba yibhongo;
lafunda ukubamba impango,
ladla abantu.
4Izizwe zezwa ngalo,
labanjwa emgodini wazo;
zaliyisa ngezingwegwe ezweni laseGibithe.
5 “ ‘Nxa isilindile,
yabona ukuthi ithemba layo liphelile;
yathatha elinye lamawundlu ayo,
yalenza ibhongo.
6Lahambahamba phakathi kwezingonyama, liyibhongo;
lafunda ukubamba impango,
ladla abantu.
7Labhidliza izinqaba zabo,
lachitha imizi yabo,
izwe lachitheka nokugcwala kwalo ngomsindo wokubhonga kwalo.
8Izizwe zase zilihlelela nxazonke,
zivela emazweni,
zeneka phezu kwalo inetha,
labanjwa emgodini wazo.
9 Zalifaka endlwaneni evaliweyo ngezingwegwe,
zaliyisa enkosini yaseBabele,
zalingenisa ezinqabeni
ukuba izwi lalo lingabe lisezwakala ezintabeni zakwa-Israyeli.
10“ ‘Unyoko wayenjengomvini,
usahlezi ngokuthula,
utshalwe ngasemanzini;
wawunezithelo namahlumela ngenxa yamanzi amaningi.
11Wawunezingatsha ezinamandla ezaba yizintonga zababusayo;
isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamaqabunga amaningi,
waze wabonakala phezulu phakathi kwamahlumela awo amaningi.
12 Kepha wasishulwa ngokufutheka,
waphonselwa phansi,
umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo;
isiqu sawo esiqinileyo saphulwa,
sabuna, umlilo wasiqeda.
13Manje usutshaliwe ehlane ezweni elishileyo nelomileyo.
14 Umlilo uphumile esiqwini sawo,
wadla amagatsha awo nezithelo zawo,
kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo,
nantonga yokubusa.’
Lokhu kuyisililo; makube yisililo.”

Currently Selected:

UHezekeli 19: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy