YouVersion Logo
Search Icon

UHezekeli 21

21
Inkemba kaJehova
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema, izwi lakho liconsele ngasezindaweni ezingcwele, uprofethe ngezwe lakwa-Israyeli, 3uthi kulo izwe lakwa-Israyeli: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi. 4Ngenxa yokuba ngiyakunquma kuwe abalungileyo nababi, ngalokho inkemba yami iyakuphuma emgodleni wayo, iphumele inyama yonke kusukela eningizimu kuye enyakatho. 5Yonke inyama iyakwazi ukuthi mina Jehova ngihoshile inkemba emgodleni wayo, ayisayikubuya.’
6“Kepha wena ndodana yomuntu, bubula, ububule ngomunyu emehlweni abo ngokwaphuka kokhalo lwakho. 7 Kuyakuthi lapho besho kuwe ukuthi: ‘Ububulelani wena na?’ uthi: ‘Ngenxa yombiko, ngokuba lapho ufika, izinhliziyo zonke ziyakuphela amandla, izandla zonke zidangale, kuhlwe emimoyeni yonke, amadolo onke abe buthakathaka njengamanzi.’ Bheka, kuyeza, futhi kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.”
Ihubo lenkemba
8Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
9“Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi, ithi: Thana:
“ ‘Inkemba, inkemba iloliwe,
futhi iphucuziwe.
10Ilolelwe ukubulala nokubulala,
iphucuziwe ukuba ibe njengonyazi.
“ ‘Besiyakujabula na? Le ntonga, ndodana yami, idelela konke okomuthi.
11“ ‘Uyinikele ukuphucuzwa ukuba ibanjwe ngesandla; yebo, isiloliwe inkemba, isiphucuziwe ukuba inikelwe esandleni sombulali. 12 Khala, uhhewule, ndodana yomuntu, ngokuba iyakuba phezu kwabantu bami, ibe phezu kwazo zonke izikhulu zakwa-Israyeli, zinikelwe enkembeni kanye nabantu bami; ngalokho shaya ithanga lakho.
13“ ‘Sekuyalingwa; kunjani uma intonga edelela manje ayisayikubakho na? isho iNkosi uJehova.’
14 “Wena ndodana yomuntu, profetha, ushayanise izandla, inkemba iphindwe kathathu, ibe ngeyababulawayo nenkemba yokubulawa komkhulu, ibahaqe. 15Ukuba izinhliziyo zabo ziphele amandla, nezikhubekiso zabo zande, ngiyakubeka inkemba ekhazimulayo kuwo onke amasango abo; awu, yenziwe njengonyazi, ihoshelwe ukubulala! 16Nquma ngakwesokunene, usukele ngakwesokhohlo, lapho ubuso bakho bubheka khona. 17 Ngiyakushayanisa izandla zami, ngiphumuze ukufutheka kwami; mina Jehova ngikhulumile.”
18Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 19“Wena ndodana yomuntu, zibekele izindlela ezimbili zokufika kwenkemba yenkosi yaseBabele, zombili ziphume ezweni linye, wenze isiqondiso sendlela, usibeke engosini yezindlela zomuzi. 20Misa indlela yokufika kwenkemba eRaba labantwana bakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo. 21Ngokuba inkosi yaseBabele isimi egumbini lezindlela engosini yezindlela zombili ukuba ibhule; ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi,* ibheka esibindini. 22Kwesokunene sayo kukhona inkatho iJerusalema ukuba kubekwe izinqama zokungqubuza, kuvulwe umlomo ngokumemeza, kuphakanyiswe izwi ngokukhala, ukuze kubekwe izinqama zokungqubuza emasangweni, kunqwatshelwe amaduli, kwakhiwe izinqaba. 23Kukubo njengokubhula kwamanga emehlweni abo, njengalokhu bekhona abafunge izifungo kubo. Kepha iyakhumbuza ukona, ukuze babanjwe.
24“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngokuba nikhumbuzile ukona kwenu ekwambulweni kwezeqo zenu, ukuze izono zenu zibonakale kuzo zonke izenzo zenu, yebo, ngokuba senikhunjulwa, niyakubanjwa ngesandla.
25“ ‘Wena sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elibulawayo, elilusuku lwakho lufika ngesikhathi sokuphela kobubi, 26isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Susa isigqoko, wethule umqhele; lokhu akuyikuba yikho; phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo. 27 Kuyakugumbuqelwa, kugumbuqelwe, kugumbuqelwe yimi; nalokhu akuyikuba khona, aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.’
28 “Wena ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uNkulunkulu ngabantwana bakwa-Amoni nangehlazo labo, ithi: Thana wena:
“ ‘Inkemba, inkemba ihoshiwe, iphucuzelwe ukubulala nokuqothula, ibe njengonyazi, 29besakubonisa amanga, bekubhulela inkohliso yokuthi uyakubekwa ezintanyeni zababi ababulawayo, abalusuku lwabo lufika ngesikhathi sokuphela kokubi. 30Mayibuyiselwe emgodleni. Endaweni lapho wadalwa khona, ezweni lokudabuka kwakho, lapho ngiyakukwahlulela khona. 31Ngiyakuthulula phezu kwakho intukuthelo yami, ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami, ngikunikele ezandleni zabantu abanonya, abayizingcweti zokuchitha. 32Uyakuba ngukudla komlilo, igazi lakho libe phakathi kwezwe; awusayikukhunjulwa, ngokuba mina Jehova ngikhulumile.’ ”

Currently Selected:

UHezekeli 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy