YouVersion Logo
Search Icon

UHezekeli 40

40
Ithempeli elisha
1 Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane, emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku, isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona. 2 Ngemibono kaNkulunkulu wangiyisa ezweni lakwa-Israyeli, wangibeka entabeni ephakeme kakhulu, okwakuphezu kwayo kungathi isakhiwo somuzi ngaseningizimu. 3 Wangiyisa khona; bheka, umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi, ephethe intambo yefilakisi* esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, wayemi esangweni. 4Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise; yitshele indlu yakwa-Israyeli konke okubonayo.”
5Bheka, kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu nxazonke, nasesandleni somuntu kwakukhona uhlanga lokulinganisa, luyizingalo eziyisithupha, yileyo naleyo iyingalo nobubanzi besandla; walinganisa ububanzi besakhiwo: luhlanga lunye; nokuphakama: luhlanga lunye.
6Wayeseya esangweni elalibheke empumalanga, wakhuphuka ngezinyathelo zalo, walinganisa umbundu wesango; ububanzi bawo babuluhlanga lunye. 7 Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga lunye, nobubanzi balo buluhlanga lunye; okwakuphakathi kwamakamelo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini wawuluhlanga lunye.
8Walinganisa nompheme wesango ngasendlini: luhlanga lunye. 9Wayeselinganisa umpheme wesango: yizingalo eziyisishiyagalombili; nezinsika zalo: yizingalo ezimbili; umpheme wesango wawungasendlini.
10Amakamelo abalindi asesangweni ngasempumalanga ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha, eyisilinganiso sinye; nezinsika zaziyisilinganiso sinye ngalapha nangalapha. 11Walinganisa ububanzi besikhala sesango: yizingalo eziyishumi; nobude besango: yizingalo eziyishumi nantathu; 12nomkhawulo ngaphambi kwamakamelo abalindi: yingalo inye; nomkhawulo ngalapha: yingalo inye; namakamelo abalindi: yizingalo eziyisithupha ngalapha nezingalo eziyisithupha ngalapha. 13Walinganisa isango kusukela ophahleni lwelinye ikamelo kuze kube sophahleni lwelinye, ububanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu, umnyango ubhekene nomnyango. 14Wenza nezinsika: yizingalo ezingamashumi ayisithupha, isango lifinyelela ensikeni yegceke nxazonke. 15Kusukela phambi kwesango ngasekungeneni kuze kube phambi kompheme wesango elingaphakathi kwakuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu. 16Kwakukhona amafasitele avaliweyo, kuwo amakamelo nakuzo izinsika ngaphakathi kwesango nxazonke, kanjalo nakuyo imengamo; kwakukhona amafasitele nxazonke ngaphakathi namasundu ezinsikeni.
17Wayesengingenisa egcekeni elingaphandle; bheka, lapho kwakukhona amakamelo nendawo egandayiweyo eyenzelwe igceke nxazonke; kwakukhona amakamelo angamashumi amathathu endaweni egandayiweyo. 18Indawo egandayiweyo yayiseceleni kwamasango, ilingene nobude bamasango; lokhu kwakuyindawo egandayiweyo ephansi. 19Wayeselinganisa ububanzi kusukela phambi kwesango elingenzansi kuze kube phambi kwegceke elingaphakathi ngaphandle: yizingalo eziyikhulu ngasempumalanga nangasenyakatho.
20Wayeselinganisa ubude nobubanzi besango legceke elingaphandle elibheke ngasenyakatho. 21Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha; izinsika zalo nemengamo yalo kwakunjengesilinganiso sesango sokuqala; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu. 22Amafasitele alo, nemengamo yalo, namasundu alo kwakunjengesilinganiso sesango elibheke ngasempumalanga; bakhuphukela kulo ngezinyathelo eziyisikhombisa; imengamo yalo yayiphambi kwalezi. 23Kwakukhona isango legceke elingaphakathi malungana naleli sango ngasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni, izingalo eziyikhulu.
24Wayesengiyisa ngaseningizimu; bheka, isango lingaseningizimu; walinganisa izinsika zalo nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla. 25Kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke njengamafasitele angenhla; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu. 26Kwakukhona izinyathelo eziyisikhombisa zokukhuphukela kulo, imengamo iphambi kwazo; lalinamasundu, lilinye ngalapha nelinye ngalapha ezinsikeni zalo. 27Kwakukhona isango legceke elingaphakathi ngaseningizimu; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni ngaseningizimu, izingalo eziyikhulu.
28Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngesango laseningizimu; walilinganisa isango laseningizimu njengezilinganiso zasenhla. 29Amakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo kwakunjengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo nxazonke; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu. 30Kwakukhona imengamo nxazonke, ubude bayo buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu, nobubanzi bayo buyizingalo eziyisihlanu. 31Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisihiyagalombili.
32Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngasempumalanga, walilinganisa isango njengezilinganiso zasenhla, 33namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu. 34Imengamo yalo yayibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.
35Wayesengiyisa esangweni lasenyakatho, walilinganisa njengezilinganiso zasenhla, 36namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo; kwakukhona amafasitele kulo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu. 37Izinsika zalo zazibheke egcekeni elingaphandle; amasundu ayekhona ezinsikeni zalo ngalapha nangalapha; kwakhushukelwa kulo ngezinyathelo eziyisishiyagalombili.
38Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa. 39Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala. 40Eceleni ngaphandle lapho kukhushukelwa esivalweni sesango ngasenyakatho kwakukhona amatafula amabili, nakolunye uhlangothi olungasemphemeni wesango amatafula amabili. 41Amatafula amane ayengalapha, namatafula amane ayengalapha eceleni kwesango, amatafula ayisishiyagalombili ababehlabela kuwo. 42Kwakungamatafula amane omnikelo wokushiswa amatshe abaziweyo, ubude buyingalo nenxenye, nobubanzi buyingalo nenzenye, nokuphakama kuyingalo, ababeka phezu kwawo izinto abahlaba ngazo umnikelo wokushiswa nomhlatshelo. 43Izingwegwe, ubude bazo bungububanzi besandla, zazifakiwe ngaphakathi nxazonke; ematafuleni kwakukhona inyama yomnikelo.
44Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli egcekeni elingaphakathi, eliseceleni kwesango lasenyakatho, libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango lasempumalanga, libheke ngasenyakatho. 45Wathi kimi: “Leli kamelo elibheke ngaseningizimu ngelabapristi abagcina inkonzo yasendlini. 46 Ikamelo elibheke ngasenyakatho ngelabapristi abagcina inkonzo yase-altare; bangamadodana kaSadoki aphakathi kwamadodana kaLevi, asondela kuJehova ukumkhonza.”
47Wayeselilinganisa igceke, ubude balo buyizingalo eziyikhulu, nobubanzi buyizingalo eziyikhulu, yizinhlangothi ezine; i-altare laliphambi kwendlu.
48Wayesengingenisa emphemeni wendlu, walinganisa izinsika zompheme: yizingalo eziyisihlanu ngalapha nezingalo eziyisihlanu ngalapha; ububanzi besango babuyizingalo ezintathu ngalapha nezingalo ezintathu ngalapha. 49Ubude bompheme babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi buyizingalo eziyishumi nanye ngasezinyathelweni okwakukhushukelwa ngazo kulo; kwakukhona nezibonda ngasezinsikeni, esinye ngalapha nesinye ngalapha.

Currently Selected:

UHezekeli 40: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy