YouVersion Logo
Search Icon

KumaHeberu 12

12
Ukubekezela ezinhluphekweni
1 Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo, 2 sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. 3 Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.
4Anikamelani nezono nilwa kuze kube segazini; 5 senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi:
“Ndodana yami,
ungadeleli ukulaya kweNkosi,
uphele amandla, nxa usolwa yiyo,
6ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo
ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.”
7Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na? 8Kepha uma ningalaywa, abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana. 9 Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na? 10Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo, kepha yena kube yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe. 11 Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.
Qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo
12 Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo, 13 nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.
14 Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi; 15 niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo, 16 kungabikho oyisifebe noma odumazayo njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngesidlo sinye nje. 17 Ngokuba niyazi ukuthi, nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka, noma ekufunisisa ngezinyembezi.
18 Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini, 19 nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo, 20ngokuba babengenakukuthwala lokho abayalwa ngakho kokuthi: “Ngisho nesilwane, uma sithinta intaba, siyakukhandwa ngamatshe,” 21 yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela,” 22 kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi, 23 nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo, 24 nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.
25 Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini, 26 ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kepha manje uthembisile wathi: “Kusezakuba kanye ngizamazamise kungabi ngumhlaba wodwa, kepha nezulu futhi.” 27 Lokho kokuthi: “Kusezakuba kanye” kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime.
28 Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela, 29 ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.

Currently Selected:

KumaHeberu 12: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy