YouVersion Logo
Search Icon

UHoseya 1

1
Umuzi kaHoseya ongumfanekiso wabantu bakwa-Israyeli
1Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.
2 Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.” 3Wayesehamba, wathatha uGomere indodakazi kaDibilayimi; wakhulelwa, wamzalela indodana.
4 UJehova wathi kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uJizreyeli, ngokuba kusezakuba yisikhashana ngize ngiphindisele igazi likaJizreyeli phezu kwendlu kaJehu, ngiqede umbuso wendlu ka-Israyeli. 5Kuyakuthi ngalolo suku ngaphule umnsalo ka-Israyeli esigodini saseJizreyeli.”
6Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. Wayesethi uJehova kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uLo Ruhama,* ngokuba angisayikuyihawukela indlu yakwa-Israyeli ukuba ngibathethelele. 7 Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”
8Esemlumulile uLo Ruhama,* wakhulelwa, wazala indodana. 9Wayesethi uJehova: “Qamba igama layo ngokuthi uLo-Ami,* ngokuba anisibo abantu bami, mina angiyikuba nguNkulunkulu wenu.
10 “Nokho umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa, singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ kuthiwe kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’ 11 Abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana ndawonye, bazimisele inhloko ibe nye, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.

Currently Selected:

UHoseya 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy