YouVersion Logo
Search Icon

UHoseya 2

2
Umfazi ongathembekile
1“Bese nibiza abafowenu ngokuthi u-Ami, nawodadewenu ngokuthi uRuhama.
2 “Phikisanani nonyoko, niphikisane,
ngokuba akasiye umkami,
nami angisiyo indoda yakhe;
makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe,
nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,
3 funa ngimhlubule abe nqunu,
ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe,
ngimenze ihlane,
ngimbeke abe njengezwe elomileyo,
ngimbulale ngokoma.
4Angiyikuhawukela abantwana bakhe,
ngokuba bangabantwana bobufebe.
5 Ngokuba unina ufebile,
ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zami
ezinginika isinkwa sami namanzi ami,
uboya bami bezimvu nefilakisi* lami,
amafutha ami nokuphuza kwami.’
6Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva,
ngakhe ugange ngakuye,
ukuze angafumani imikhondo yakhe.
7Uyakulandela izithandwa zakhe,
kepha akayikuzifica;
uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana;
abesethi: ‘Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala,
ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.’
8Kepha akazanga ukuthi yimina
engamnika amabele, newayini elisha, namafutha,
ngamandisela isiliva
negolide abenza ngakho uBali.
9“Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe amabele ami ngesikhathi sawo,
newayini lami elisha ngenkathi yalo,
ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi* lami
lokusibekela ubunqunu bakhe.
10Sengiyakwambula ihlazo lakhe
emehlweni ezithandwa zakhe;
akuyikubakho omophula esandleni sami.
11Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe,
imikhosi yakhe,
nokwethwasa kwenyanga,
namasabatha akhe,
nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.
12 Ngiyakuchitha imivini yakhe nemikhiwane yakhe
ashilo ngakho, wathi:
‘Kuyinkokhelo yami ezinginikile yona izithandwa zami;’
ngiyakukwenza kube yihlathi,
izilwane zasendle zikudle.
13 Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali
owabashisela ngazo impepho,
wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle,
wazilandela izithandwa zakhe,
wangikhohlwa, usho uJehova.
14 “Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga,
ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.
15 Lapho ngiyakumnika izivini zakhe,
nesigodi sase-Akori* sibe ngumnyango wethemba;
uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe
nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.
16“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova,
“ungibize ngokuthi: ‘YiNdoda yami,’
ungasangibizi ngokuthi:
‘NguBali wami.’
17 Ngiyakususa amagama awoBali emlonyeni wakhe,
bangabe besakhunjulwa ngamagama abo.
18 Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle,
nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni,
ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni,
ngibalalise belondekile.
19Ngiyakuzimisela wena ube ngumkami kuze kube phakade,
ngizimisele wena ngokulunga,
nangokwahlulela, nangomusa,
nangobubele.
20 Ngiyakuzimisela wena ngokuthembeka ube ngumkami;
uyakumazi uJehova.
21“Kuyakuthi ngalolo suku ngiphendule,” usho uJehova,
“ngiphendule amazulu,
wona aphendule umhlaba.
22Umhlaba uyakuphendula amabele,
newayini elisha, namafutha,
khona kuphendule uJizreyeli.
23 Ngiyakuzitshalela yena ezweni,
ngihawukele ongahawukelwanga,
ngithi kwababengesibo abantu bami:
‘Ningabantu bami,’
bona bathi:
‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”

Currently Selected:

UHoseya 2: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy