YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 53

53
1 Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo;
ingalo kaJehova yambulelwa bani na?
2 Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe,
nanjengempande emhlabathini owomileyo;
yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke,
yayingabukeki ukuba siyifune.
3 Yayideleliwe, yashiywa ngabantu,
umuntu wobuhlungu owazi ukugula;
yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu,
asiyishayanga nto yalutho.
4 Kepha yazithwala izifo zethu,
yabetshatha ubuhlungu bethu,
kodwa thina sathi ijezisiwe,
ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.
5 Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,
yachotshozwa ngobubi bethu;
isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,
nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
6 Thina sonke sidukile njengezimvu;
yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe;
uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
7 Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa,
ayivulanga umlomo wayo;
njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni,
nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo,
ayiwuvulanga umlomo wayo.
8Yasuswa ekucindezelweni nasekwahlulelweni;
ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga
ukuthi yahlwithwa ezweni labaphilayo,
ishaywa ngesiphambeko sabantu bami, na?
9 Babeka ithuna layo kanye nababi;
ekufeni yayinabenza okubi,
noma ingenzanga indluzula,
kungekho nankohliso emlonyeni wayo.
10 Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo;
lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala,
iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi,
nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.
11 Ngokuhlupheka komphefumulo wayo
iyakukubona, yaneliswe.
Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo,
iyakulungisisa abaningi,
ithwale izono zabo.
12 Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu,
yahlukanise impango nabanamandla,
ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni,
yabalwa kanye nezelelesi;
yathwala nokho izono zabaningi,
yakhulekela aboni.

Currently Selected:

U-Isaya 53: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy