YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 31

31
1“Ngaleso sikhathi,” usho uJehova, “ngiyakuba nguNkulunkulu wemindeni yonke yakwa-Israyeli, yona ibe ngabantu bami.”
2Usho kanje uJehova, uthi:
“Abantu abasele enkembeni
bafumana umusa ehlane,
lapho u-Israyeli eya khona ukuthola
ukuphumula kwakhe.”
3 UJehova wabonakala kimi ekude, wathi:
“Ngikuthandile ngothando oluphakade;
ngalokho ngikudonsile ngomusa.
4 Ngiyakubuye ngikwakhe,
wakheke wena ntombi ka-Israyeli;
uyakubuye uvunuliswe ngezigubhu zakho,
uphumele ekusineni kwabathokozayo.
5Uyakubuye utshale izivini
ezintabeni zaseSamariya;
abatshali bayakuzitshala,
badle izithelo zazo.
6 Ngokuba kuyakuba khona usuku
abayakumemeza ngalo abalindi
entabeni yakwa-Efrayimi ukuthi:
‘Sukani, sikhuphukele eSiyoni
kuJehova uNkulunkulu wethu.’ ”
7Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:
“Hlabelelani kuJakobe ngokujabula,
nimemezele inhloko yezizwe,
nizwakalise, nidumise nithi:
‘Jehova, sindisa abantu bakho,
insali yakwa-Israyeli.’
8Bheka,
ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho,
ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba,
okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga,
abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye,
babuyele lapha beyibandla elikhulu.
9 Bayakufika bekhala,
ngibahambise bekhuleka,
ngibayise emifuleni yamanzi
ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo,
ngokuba nginguyise ka-Israyeli,
no-Efrayimi uyizibulo lami.
10 “Zwanini izwi likaJehova nina zizwe,
nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi:
‘Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbutha
amlondoloze njengomalusi umhlambi wakhe.’
11Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe,
wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.
12 Bayakufika, bahlabelele ngokujabula
ekuphakameni kwaseSiyoni,
bagobhozele kukho okuhle kukaJehova,
yebo, emabeleni, nasewayinini,
nasemafutheni,
nakuwo amazinyane ezimvu nawezinkomo,
umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo,
bangabe besaba nosizi futhi.
13 Khona intombi iyakuthokoza ekusineni,
nezinsizwa nabadala kanyekanye;
ngiyakuphendula ukukhala kwabo
kube ngukujabula,
ngibaduduze, ngibathokozise,
bangabe besaba nosizi.
14Ngiyakudelisa umphefumulo wabapristi ngamanoni,
abantu bami basuthe ngokuhle kwami,” usho uJehova.
15 Usho kanje uJehova, uthi:
“Izwi liyezwakala eRama,
ukulila nokukhala okumunyu,
uRaheli ekhalela abantwana bakhe;
uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe,
ngokuba abasekho.”
16Usho kanje uJehova, uthi:
“Bamba izwi lakho, ungakhali,
amehlo akho angabi nazinyembezi,
ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova,
“babuye ezweni lesitha.
17 Kukhona ithemba lokugcina kwakho,” usho uJehova;
“abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.
18 “Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela,
ethi: ‘Ungishayile,
ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka;
ngibuyise ukuba ngibuye,
ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.
19Impela lapho sengibuyisiwe, ngazisola,
nalapho ngifundisiwe,
ngashaya ithanga lami,
ngaba namahloni, yebo, ngajabha,
ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.’
20U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi,
ungumntwana othandekayo na?
Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye,
ngisamkhumbula nokumkhumbula;
ngalokho izibilini zami ziyamhawukela;
ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.
21“Zibekele amatshe,
zimisele iziqondiso zendlela;
yibeke inhliziyo yakho emendweni,
indlela owahamba ngayo;
buya, ntombi yakwa-Israyeli,
ubuyele kule mizi yakho.
22Koze kube nini uhambahamba
wena ndodakazi ehlubukayo na?
Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni:
owesifazane uyakuyihaqa indoda.”
23 Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: ‘UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’ 24UJuda nayo yonke imizi yakhe bayakuhlala kulo ndawonye, abalimi nabahamba nemihlambi. 25 Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.”
26Kulokhu ngase ngivuka, ngabheka; ubuthongo bami babumnandi kimi.
27“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhlwanyela indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngembewu yabantu nangembewu yezinkomo. 28 Kuyakuthi njengalokhu ngibalindile ukuba ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibachithe, ngibahluphe, kanjalo ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” usho uJehova. 29 “Ngalezo zinsuku abasayikusho ukuthi:
“ ‘Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu,
amazinyo abantwana aba bushelezi.’
30“Ngokuba yilowo nalowo uyakufa ngobubi bakhe; bonke abantu abazidla izithelo zomvini ezimuncu amazinyo abo ayakuba buthuntu.
31 “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda, 32kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova. 33 “Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” usho uJehova: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami; 34 abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova, “ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”
35 Usho kanje uJehova
obeka ilanga libe ngukukhanya emini,
nezimiso zenyanga nezezinkanyezi
zokuba zibe ngukukhanya ebusuku,
ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo,
ogama lakhe linguJehova Sebawoti, uthi:
36 “Uma lezi zimiso zisuka ebusweni bami,” usho uJehova,
“yilapho inzalo yakwa-Israyeli iyakuphela,
ingabe isaba yisizwe phambi kwami
kuze kube nanini.”
37Usho kanje uJehova, uthi:
“Uma izulu lilinganiswa phezulu,
nezisekelo zomhlaba zivivinywa ngaphansi,
khona mina ngiyakuyilahla yonke inzalo yakwa-Israyeli
ngakho konke abakwenzileyo,” usho uJehova.
38 “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho uJehova eyakwakhelwa umuzi, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube seSangweni Lasegumbini. 39Umucu wokulinganisa usezakuphuma, ufinyeleliswe uze uqondane negquma laseGarebi, ujike uze ufike eGowa. 40Sonke isigodi sezidumbu, nesomlotha, nawo onke amasimu kuze kube semfudlaneni iKidroni, kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga kuyakuba ngcwele kuJehova, kungabe kusasishulwa, kubhidlizwe kuze kube phakade.”

Currently Selected:

UJeremiya 31: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy