YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 20

20
Ukuvuka kukaJesu
(Math. 28:1; Mark. 16:1; Luk. 24:1)
1 Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. 2Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeke khona.”
3Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni. 4Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni; 5elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga. 6Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona, 7neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo. 8Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; 9ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.
10Base bemuka abafundi, baphindela kubo.
Ukuzibonakalisa kukaJesu
11Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala; esakhala walunguza ethuneni; 12wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.
13Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?”
Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.” 14 Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu.
15UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na?”
Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.”
16UJesu wathi kuye: “Mariya!”
Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: “Rabuni,” okungukuthi: “Mfundisi.”
17 UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”
18UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi: “Ngiyibonile iNkosi,” nokuthi: “Ishilo lokho kimi.”
19 Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku, olokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.” 20Eseshilo lokho wabakhombisa izandla nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi beyibona iNkosi.
21 Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.” 22Kwathi ukuba asho njalo, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele. 23 Enibathethelela izono zabo bathethelelwe; nenibabamba ngazo babanjiwe.”
24 Kepha uTomase, omunye kwabayishumi nambili, othiwa uDidimu, wayengekho kubo mhla efika uJesu. 25Ngakho-ke abanye abafundi bathi kuye: “Siyibonile iNkosi.”
Kepha wathi kubo: “Uma ngingaboni ezandleni zayo inxeba lezipikili, ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, angisoze ngakholwa.”
26Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo. UJesu wafika iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.” 27Wayesethi kuTomase: “Zisa lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; zisa isandla sakho, usifake ohlangothini lwami; ungabi ngongakholwayo kodwa okholwayo.”
28UTomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”
29 UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”
30 Izibonakaliso ezinye eziningi uJesu wazenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiwe kule ncwadi. 31 Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.

Currently Selected:

NgokukaJohane 20: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy