YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 6

6
UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu
(Math. 14:13; Mark. 6:30; Luk. 9:12)
1Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya. 2Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo. 3UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe. 4Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda.
5 Kuthe uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?” 6Washo njalo emvivinya, ngokuba yena wayekwazi azakukwenza.
7UFiliphu wamphendula wathi: “Izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili zingebanele, kube yilowo nalowo athole ingcosana.”
8Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye: 9“Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali* eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?”
10UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu.” Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala phansi-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwame eziyisihlanu. 11UJesu wazithabatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehlezi phansi, kanjalo futhi nezinhlanzana, njengokuthanda kwabo.
12Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.” 13Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili ngemvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali* eyasala kwabadlileyo.
14 Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.” 15 Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.
UJesu uhamba phezu kolwandle
(Math. 14:22; Mark. 6:45)
16 Sekuhlwa abafundi bakhe bewukela elwandle, 17bangena emkhunjini, bawela ulwandle beya eKapernawume. Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo. 18Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle. 19Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu* angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; bethuka. 20Kepha wathi kubo: “Yimina, ningesabi.” 21Khona bafuna ukumngenisa emkhunjini, umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo.
Isinkwa sokuphila
22Ngangomuso isixuku esasingaphesheya kolwandle sabona kungekho omunye umkhunjana khona, sazi ukuthi ubumunye nje nokuthi uJesu wayengangenanga emkhunjini kanye nabafundi bakhe, kepha ukuthi abafundi bakhe babewele bodwa, 23kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile; 24isixuku sathi ukubona ukuthi uJesu akakho lapho nabafundi bakhe, sangena emikhunjaneni, naso saya eKapernawume sifuna uJesu.
25Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle, bathi: “Rabi, ufike nini lapha na?”
26UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa, nasutha. 27 Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”
28Bathi-ke kuye: “Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?”
29 Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”
30 Ngakho bathi kuye: “Pho, wenza sibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na? 31 Okhokho bethu badla imana* ehlane njengokulotshiweyo ukuthi: ‘Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ”
32UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. 33Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila.”
34Khona bathi kuye: “Nkosi, siphe njalonjalo leso sinkwa.”
35 UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma. 36Kepha ngithe kini: Ningibonile, nokho anikholwa. 37 Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle. 38 Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo. 39 Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela. 40 Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”
41Khona abaJuda bakhonona ngaye, ngokuba ethe: “Ngiyisinkwa esehle ezulwini.” 42 Bathi-ke: “Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”
43UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhononi phakathi kwenu. 44Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. 45 Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi. 46 Akusikho ukuthi ukhona oke wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba. 47 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade. 48Mina ngiyisinkwa sokuphila. 49 Okhokho benu badla imana* ehlane, bafa. 50Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi. 51 Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”
52Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo angasinika kanjani inyama yakhe, siyidle, na?”
53Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu. 54 Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. 55Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili. 56 Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. 57Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami. 58Lesi siyisinkwa esehle ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana,* bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.” 59Lokho wakukhuluma esinagogeni* efundisa eKapernawume.
60 Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongalizwa na?”
61Kepha uJesu azi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi: “Lokhu kuyanicunula na? 62 Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na? 63 NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhulume kini angumoya, angukuphila. 64 Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.” 65Wayesethi: “Kungenxa yalokho ngithe kini: Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba.”
Isivumo sikaPetru
66Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.
67Ngakho uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?”
68USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe. 69 Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
70 UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.” 71Wayekhuluma ngoJuda Iskariyothe kaSimoni, ngokuba nguye obezakumkhaphela engomunye wabayishumi nambili.

Currently Selected:

NgokukaJohane 6: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy