YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 8

8
Owesifazane obanjwe ephinga
1 Khona uJesu waya eNtabeni Yeminqumo. 2Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa. 3Kepha ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane ebanjwe ephinga; sebemmise phakathi kwabo, 4bathi kuye: “Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe esoqotsheni lokuphinga. 5 Emthethweni uMose wasiyala ngabanje ukuba bakhandwe ngamatshe. Pho, wena uthini na?” 6 Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela.
Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini. 7 Wathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi kwenu kaqale amphonse ngetshe.” 8Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.
9 Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona. 10UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?”
11 Wayesethi: “Akakho, Nkosi.”
Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”
Ukukhanya kwezwe
12Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”
13Khona bathi kuye abaFarisi: “Uyazifakazela wena; ubufakazi bakho ubuqinisile.”
14 UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. 15 Nina nahlulela ngokwenyama, kepha mina angahluleli muntu. 16 Nakuba ngahlulela, ukwahlulela kwami kungokuqinisileyo, ngokuba ngingengedwa, kodwa yimina nongithumileyo. 17 Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo. 18 Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.”
19 Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?”
UJesu waphendula ngokuthi: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.” 20 Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.
21 Khona waphinda wathi kubo: “Ngiyamuka mina, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu; lapho ngiya khona mina, ningeze nina.”
22Base bethi abaJuda: “Imbala uzakuzibulala yini, lokhu ethi: ‘Lapho ngiya khona mina, ningeze nina,’ na?”
23 Wathi kubo: “Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabaleli zwe, mina angingowaleli zwe. 24 Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.”
25Base bethi kuye: “Wena ungubani na?”
Wathi kubo uJesu: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni. 26 Nginezinto eziningi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani, kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.”
27Kabazanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise. 28 Wayesethi uJesu: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile. 29 Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.”
UJesu uphendulana nabaJuda ngo-Abrahama
30Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa nguye. 31 Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; 32 niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
33 Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama thina, asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?”
34 UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono. 35 Isigqila kambe asihlali phakade endlini; kepha indodana ihlala phakade. 36Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. 37Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kepha nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami lingenandawo kini. 38Ngikhuluma lokho engikubonile mina kuBaba; nani-ke nenza lokho enikuzwile kuyihlo.”
39 Baphendula, bathi kuye: “Ubaba ngu-Abrahama.”
UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama. 40Kodwa kalokhu nifuna ukungibulala mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama kakwenzanga lokho. 41Nina nenza imisebenzi kayihlo.”
Bathi kuye: “Thina asizalwanga ngokuphinga; sinobaba munye, uNkulunkulu.”
42 Wathi kubo uJesu: “Uma uNkulunkulu ebenguyihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile. 43 Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami. 44 Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo. 45 Kepha mina, ngokuba ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi. 46 Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi ngani na? 47 OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.”
48 Baphendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?”
49UJesu waphendula wathi: “Anginademoni, kepha ngidumisa uBaba; nina-ke niyangidumaza. 50Mina-ke angifuni olwami udumo; ukhona ofunayo nowahlulelayo. 51 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa naphakade.”
52Bathi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni; u-Abrahama wafa, nabaprofethi; wena-ke uthi: ‘Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akuzwa ukufa naphakade.’ 53 Wena umkhulu yini kunobaba u-Abrahama osewafa na? Nabaprofethi sebafa. Uzenza bani na?”
54UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; nguBaba ongidumisayo, enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu. 55 Kanti animazanga, kepha mina ngiyamazi. Uma ngithi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe. 56 U-Abrahama uyihlo wathokozela ukubona usuku lwami, walubona, wajabula.”
57Base bethi kuye abaJuda: “Awukabi naminyaka engamashumi ayisihlanu, kanti u-Abrahama usuke wambona na?”
58 UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakabikho u-Abrahama, ngangikhona mina.” 59 Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.

Currently Selected:

NgokukaJohane 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy