YouVersion Logo
Search Icon

UJoweli 2

2
Usuku lukaJehova
1 Bethani icilongo eSiyoni,
nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele;
mabathuthumele bonke abakhe ezweni,
ngokuba luyeza usuku lukaJehova,
ngokuba lusondele;
2 usuku lobumnyama nolwesigayegaye,
usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,
njengokusa kwenekwe ezintabeni,
abantu abaningi abanamandla
abangazange babe ngabanjalo kwasendulo,
nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo
kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.
3Phambi kwabo kuyadla umlilo,
nasemva kwabo kushisa ilangabi;
izwe liphambi kwabo njengensimu yase-Edene,
nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo,
akukho okubabalekelayo.
4Isimo sabo sinjengesimo samahhashi,
bagijima njengabamahhashi.
5Bangqabashiya ngomsindo wezinqola eziqongweni zezintaba,
njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibi
nanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.
6 Phambi kwabo abantu bayathuthumela,
bonke ubuso buyaphaphatheka.
7Bagijima njengamaqhawe,
bakhwela ezingangeni njengamadoda empi;
bahamba,
kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,
abaphambanisi izindlela zabo.
8Abahlohlolozani omunye nomunye;
bahamba,
kube yilowo nalowo ngendlela yakhe;
baziphonsa phakathi kwezikhali,
abakhawuli.
9Batheleka emzini,
bagijima ogangeni;
bakhuphukela ezindlini,
bangena ngamafasitele njengesela.
10 Umhlaba uyazamazama phambi kwabo,
amazulu ayathuthumela;
ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama,
nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.
11UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe,
ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu,
nowenza izwi lakhe unamandla;
yebo, usuku lukaJehova lukhulu,
luyesabeka kakhulu;
ngubani ongaluthwala na?
12 “Kepha manje,” usho uJehova,
“phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke,
nangokuzila ukudla, nangokukhala,
nangokulila.”
13 Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi.
14 Ngubani owaziyo uma engayikubuya,
ahawukele,
ashiye isibusiso emva kwakhe,
kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa
kuJehova uNkulunkulu wenu, na?
15 Bethani icilongo eSiyoni,
ningcwelise ukuzila ukudla,
nibize umhlangano;
16 buthani abantu, ningcwelise ibandla,
niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo;
umyeni makaphume ekamelweni lakhe,
nomakoti emgonqweni wakhe.
17 Abapristi, izikhonzi zikaJehova,
mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi:
“Hawukela abantu bakho, Jehova,
unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba,
ukuze abezizwe bababhinqe;
yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi:
‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”
18UJehova wayesehawukela izwe lakhe,
wabahawukela abantu bakhe.
19 UJehova waphendula,
wathi kubantu bakhe:
“Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha,
nisuthe ngakho,
ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.
20“Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho,
ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo,
ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga,
umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga,
kukhuphuke ukunuka kwakhe,
kwenyuke iphunga lakhe elibi;”
ngokuba wenzile izinto ezinkulu.
21Ungesabi, lizwe;
jabula, uthokoze,
ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.
22Ningesabi, zilwane zasendle,
ngokuba amadlelo asehlane ayahluma,
nemithi ithela izithelo,
umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.
23 Jabulani, bantwana baseSiyoni,
nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga,
unehlisela imvula,
eyokuqala neyamuva,
njengasekuqaleni.
24 Izibuya ziyakugcwala amabele,
nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.
25“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane,
nezinkumbi, nenkasa, nesibotho,
impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.
26Niyakudla nokudla, nisuthe,
nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu
oniphathe ngokumangalisayo;
abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.
27 Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli
nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu,
akakho omunye;
abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.
28 “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama;
amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,
abadala benu baphuphe amaphupho,
izinsizwa zenu zibone imibono;
29naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku
ngiyakuthulula uMoya wami.
30Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni,
igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.
31Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,
inyanga ibe yigazi,
lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.
32 Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova
bakhululwe,
ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema
kuyakuba ngabasindileyo,
njengalokho eshilo uJehova,
naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.

Currently Selected:

UJoweli 2: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy