YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 15

15
Okulahlekileyo: imvu, uhlamvu lwesiliva, indodana
1 Kwase kusondela kuye bonke abathelisi nezoni ukumuzwa. 2AbaFarisi nababhali base bakhonona bethi: “Lo muntu wamukela izoni, adle nazo.”
3Wayesebalandisa lo mfanekiso, ethi: 4 “Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye kuzo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na? 5Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza. 6Esefike ekhaya ameme abahlobo nabakhelwane, athi kubo: ‘Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.’ 7Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.
8“Noma ngumuphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi, uma elahlekelwe luhlamvu lwaba lunye, angokheli isibani, ashanele indlu, afunisise, aze aluthole? 9Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane, athi: ‘Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele.’ 10Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”
11Wayesethi: “Umuntu othile wayenamadodana amabili. 12Encane yawo yayisithi kuyise: ‘Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami;’ wawahlukanisela impahla.
13 “Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala. 14 Isisaphaze konke, kwavela indlala enkulu kulelo zwe; yaqala ukuswela. 15Yayisiya kukhonza komunye umuntu walelo zwe; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube. 16Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga muntu.
17“Kuthe sekusile kuyo, yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha. 18Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; 19angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.’ 20Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.
21“Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’
22“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni, 23nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule; 24ngokuba le ndodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, seyatholakala;’ base beqala ukujabula.
25“Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi iseza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina. 26Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho. 27Wathi kuyo: ‘Kufike umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuye wamthola ephilile.’
28“Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga. 29Kodwa yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile; angizange ngeqe umyalo wakho, kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami, 30kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’
31“Wayesethi kuyo: ‘Mntanami, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho. 32Kepha simelwe ukujabula, sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile, wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.’ ”

Currently Selected:

NgokukaLuka 15: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy