YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 8

8
UJesu ushumayela ngemifanekiso
(Math. 13:1; Mark. 4:1)
1Kwathi emva kwalokho wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso, benaye abayishumi nambili 2 nabesifazane abathile ababephulukiswe kubo omoya ababi nasezifweni: uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena, okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa, 3noJowana umkaKhuza, induna kaHerode, noSusana, nabanye abaningi ababebakhonza ngempahla yabo.
4Sekubuthene kuye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, wakhuluma ngomfanekiso, wathi: 5“Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda. 6Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama. 7Enye yawela phakathi kwameva, kwaze kwathi ameva esemila kanye nayo, ayiminyanisa. 8Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu.”
Ekusho lokhu wamemeza wathi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”
9Abafundi bakhe bambuza ukuthi ungaba yini lowo mfanekiso na? 10 Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi.
11“Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu. 12Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile, bese kufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe. 13Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke. 14Okuwele phakathi kwameva yilabo abathi sebezwile, bahambe, baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila, bangatheli izithelo ezivuthiwe. 15Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi, balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.
16 “Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya. 17Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlaluka nokuyisifuba okungayikwaziwa, kube sobala. 18 Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho.”
Izihlobo eziyizo zikaJesu
(Math. 12:46; Mark. 3:31)
19Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku. 20Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona.”
21Kepha waphendula, wathi kubo: “Umame nabafowethu yilabo abalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze.”
Ukuthuliswa kwesivunguvungu
(Math. 8:23; Mark. 4:35)
22Kwathi-ke ngolunye lwalezo zinsuku wangena emkhunjini, yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle.” Basuka-ke. 23Kuthe besahamba ngomkhumbi, walala ubuthongo; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini.
24Base besondela, bamvusa bathi: “Nkosi, Nkosi, safa.”
Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du.
25Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?”
Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele?”
Ukukhishwa kwamademoni
(Math. 8:28; Mark. 5:1-20)
26 Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile. 27Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyisikhathi eside ingembathi ngubo, ingahlali endlini kodwa emathuneni. 28Isimbona uJesu yadazuluka, yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.” 29Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane.
30UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?”
Wathi: “ULegiyona,*” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye. 31Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.
32Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela. 33Aphuma-ke amademoni kuye umuntu, angena ezingulubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza.
34Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni. 35Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo, bafika kuJesu, bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo. 36Ababekubonile babatshela ukuthi usinde kanjani owayekhwelwe ngamademoni. 37Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva.
38Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi: 39“Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona.” Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu.
Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni
(Math. 9:18; Mark. 5:21)
40Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela; ngokuba bonke babembhekile. 41Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge,* yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo. 42Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa.
Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa. 43Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa muntu, 44weza ngasemuva, wathinta umphetho wengubo yakhe; kwanqamuka masinyane ukugobhoza kwegazi lakhe.
45UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?” Bephika bonke, wathi uPetru nababe naye: “Nkosi, izixuku ziyakuminyanisa, zikucindezele.”
46Kepha uJesu wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile kuphuma amandla kimi.”
47Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka, weza ethuthumela, eziphonsa phansi phambi kwakhe, walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho. 48 Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”
49Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge,* wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.”
50Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.”
51Esefike endlini kavumanga ukuba kungene muntu naye, kuphela oPetru, noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina. 52Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: “Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.”
53Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile. 54Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!” 55Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla. 56 Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.

Currently Selected:

NgokukaLuka 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy