YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaLuka 9

9
Ukuthunywa kwabaphostoli
(Math. 10:1; Mark. 6:7)
1Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo. 2Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa. 3 Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili. 4Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona. 5 Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.” 6Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke.
Ukubulawa kukaJohane uMbhapathizi
(Math. 14:1; Mark. 6:14)
7Kwathi uHerode umtetrarki* ekuzwa konke okwenzekayo, wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo, 8ngokwabanye ukuthi u-Eliya ubonakele, ngokwabanye ukuthi kuvukile umprofethi othile kwabadala. 9 Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje?” Wafuna ukumbona.
10Abaphostoli sebebuyile bamlandisa konke abakwenzileyo; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida. 11Kepha izixuku sezazi zamlandela; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa.
UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu
(Math. 14:13; Mark. 6:30; Joh. 6:1)
12Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili, bathi: “Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo, bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.”
13Kepha wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.”
Bathi-ke: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke laba bantu ukudla.” 14Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu.
Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.” 15Benze njalo, babahlalisa bonke. 16Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku. 17Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.
Isivumo sikaPetru. Ukuhlushwa kukaJesu nokwabamlandelayo
(Math. 16:13; Mark. 8:27; Math. 16:21; Mark. 8:31)
18Kwathi ekhuleka ngasesitha, abafundi babe naye; wababuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?”
19Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.”
20Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”
UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.”
21Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho, 22wathi: “INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.”
23 Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele. 24 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa. 25Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na? 26Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele. 27Kepha nginitshela ngesiminya ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu.”
Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni
(Math. 17:1; Mark. 9:2)
28Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku zaba yisishiyagalombili wathatha oPetru, noJohane, noJakobe, wenyukela entabeni ukuyokhuleka. 29Kwathi ekukhulekeni kwakhe isimo sobuso bakhe saba ngesinye, nezingubo zakhe zaba mhlophe, zacwebezela. 30Bheka, kwakhuluma naye amadoda amabili ayengoMose no-Eliya; 31abonakala ngenkazimulo, akhuluma ngokumuka kwakhe abemelwe ukukufeza eJerusalema. 32UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye. 33Kwathi ekwahlukaneni kwawo naye uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya;” wayengazi ukuthi uthini.
34Esakhuluma lokhu, kwafika ifu, labasithibeza; besaba ekungeneni kwabo efwini. 35 Kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.” 36Kwathi livela izwi, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bathula bona, ngaleyo mihla kabatshelanga muntu neyodwa yalezo zinto abazibonileyo.
Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane
(Math. 17:14; Mark. 9:14)
37Kwathi ngangomuso sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza. 38Bheka, indoda yasesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi. 39Bheka, umoya uyayibamba, idazuluke masinyane; uyihlukumeza, ikhihlize amagwebu, amuke kuyo eseyizukile. 40Ngibanxusile abafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”
41UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.”
42Kuthe iseza, idemoni layiwisa phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise. 43Bethuka bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu.
UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe
(Math. 17:22; Mark. 9:30)
Besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe: 44“Khwezani lawo mazwi ezindlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.” 45Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, kwakusithekile kubo, ukuze bangakuqondi; besaba ukumbuza ngalokho kusho.
Ubukhulu obuyibo
(Math. 18:1; Mark. 9:33)
46Kwavela ukuzindlisana phakathi kwabo kokuthi ngubani ongahle abemkhulu kubo. 47Kuthe uJesu ebona ukuzindla kwenhliziyo yabo, wathabatha umntwana, wammisa phambi kwakhe, 48 wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”
49UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.”
50 Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani ungakini.”
51Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema. 52Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele. 53Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema. 54 Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?”
55Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni. 56Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa,” base beya komunye umuzi.
Ukumlandela uJesu
(Math. 8:18)
57 Kwathi behamba endleleni, umuntu othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”
58UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
59Wayesethi komunye: “Ngilandele.”
Wathi yena: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”
60Kepha wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.”
61Nomunye-ke wathi: “Ngizakukulandela, Nkosi; kepha ngivumele ngiye kuqala ukuyovalelisa abasekhaya.”
62 Kodwa uJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeke isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.”

Currently Selected:

NgokukaLuka 9: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy