YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 11

11
1Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo.
Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu
(Luk. 7:18)
2Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe, 3wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”
4UJesu waphendula, wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi: 5 Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli; 6ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”
7Kepha sebemuka laba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? 8Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinothonotho na? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi. 9Kodwa naphumelani na? Ukubona umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi. 10 Nguye okulotshwe ngaye ukuthi:
“ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho
esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’
11“Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye. 12 Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzulwa, nabafuzulayo bayawuphanga. 13Ngokuba abaprofethi bonke nomthetho baprofetha, kwaze kwafika uJohane. 14 Uma nivuma ukukwamukela, lo ungu-Eliya obezakufika. 15 Onezindlebe makezwe.
16“Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na? Sifana nabantwana abahlezi ezigcawini bememeza abanye bethi: 17‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’
18“Ngokuba uJohane wafika engadli, engaphuzi; bathi: ‘Unedemoni.’ 19 INdodana yomuntu yafika idla, iphuza; bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni.’ Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho.”
Ukusolwa kwemizi engaphendukanga
(Luk. 10:13)
20Wayeseqala ukujezisa imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga, wathi: 21 “Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha. 22Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini. 23Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese* ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla. 24 Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe.”
UJesu uyamdumisa uYise, emema abahluphekileyo beze kuye
(Luk. 10:21)
25 Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; 26yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.
27 “Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.
28 “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. 29 Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. 30 Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”

Currently Selected:

NgokukaMathewu 11: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy