YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMathewu 27

27
UJesu ephambi kukaPilatu.Ukuzibulala kukaJuda
(Mark. 15:1; Luk. 23:1,13; Joh. 18:28; 19:2,16)
1 Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale; 2 bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.
3 Khona uJuda owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga, 4wathi: “Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala.”
Bona bathi: “Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.”
5 Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.
6Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva, bathi: “Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.” 7Benza icebo, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe ngeyokumbela abafokazi. 8Ngalokho insimu leyo ithiwa insimu yegazi kuze kube namuhla. 9 Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli; 10bakhokha ngazo insimu yombumbi, njengokuba iNkosi ingiyalile.”
11 Kepha uJesu wayemi phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”
UJesu wathi kuye: “Usho khona.”
12 Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala, kaphendulanga lutho. 13Khona uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?” 14 Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.
15 Kepha ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa sibe sinye esasisithanda. 16Ngaleso sikhathi babe nesiboshwa esidumileyo esithiwa uBaraba. 17 Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?” 18Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.
19Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.”
20Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.
21 Wayesephendula umbusi, wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na?”
Bathi: “UBaraba.”
22UPilatu wathi kubo: “Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na?”
Bonke bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”
23Wayesethi: “Ngokuba wenze bubi buni na?”
Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”
24 UPilatu esebona ukuthi akanakwenza lutho nokuthi isiphithiphithi sesanda kakhulu, wathatha amanzi, wahlamba izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”
25Abantu bonke base bephendula bethi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”
26Wayesebakhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.
27 Khona amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, aqoqela kuye ibutho lonke. 28Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu, 29aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” 30 Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda lakhe. 31Esembhinqile amhlubula ingubo, amembathisa izingubo zakhe, amuka naye ukuyombethela esiphambanweni.
32 Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe.
UJesu esesiphambanweni
(Mark. 15:22; Luk. 23:26; Joh. 19:17)
33 Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo Yekhanda, 34 amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo; kepha kuthe elizwa, akathandanga ukuliphuza. 35 Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho; 36ahlala amlinda khona. 37Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwe ngokuthi: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA. 38 Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo. 39 Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, 40 bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.”
41Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi: 42“Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye. 43 Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ” 44 Kepha nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye bamdumaza kanjalo.
45 Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. 46 Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
47Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.”
48 Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza. 49Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”
50UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.
51 Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; 52amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; 53baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.
54Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”
55 Kwakukhona lapho abesifazane abaningi bebukela, bekude, ababemlandele uJesu bevela eGalile, bemkhonza; 56phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena, unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu.
Ukumbelwa kukaJesu
(Mark. 15:42; Luk. 23:50; Joh. 19:38)
57 Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, owayengumfundi kaJesu naye; 58lo waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba anikwe sona. 59UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu enhle ehlanzekileyo, 60wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. 61Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya behlezi phambi kweliba.
62Kepha ngangomuso okungolulandela usuku lokulungisela abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu, 63 bathi: “Nkosi, sikhumbula ukuthi lowo mkhohlisi esekhona wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu ngizakuvuka.’ 64 Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: ‘Uvukile kwabafileyo;’ kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.”
65UPilatu wathi kubo: “Nampa abalindi; hambani niligcine njengokubona kwenu.” 66Base behamba, baligcina iliba, babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.

Currently Selected:

NgokukaMathewu 27: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy