YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMarku 1

1
Ukufika kukaJesu Kristu kuyamenyezelwa nguJohane uMbhapathizi
(Math. 3:1; Luk. 3:1; Joh. 1:6,19)
1Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. 2 Njengokulotshwe kumprofethi u-Isaya ukuthi:
“Bheka, ngiyasithuma isithunywa sami phambi kwakho
esiyakulungisa indlela yakho,” –
3 “izwi lomemezayo ehlane, lithi:
‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde,’ ”
4kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. 5Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. 6UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle. 7 Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. 8 Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.”
Ukubhapathizwa kukaJesu. Ulingwa nguSathane
(Math. 3:13; Luk. 3:21; Math. 4:1; Luk. 4:1)
9Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. 10 Wanele ukukhuphuka emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. 11 Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
12Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. 13Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.
Ukubizwa kwabafundi
(Math. 4:12; Luk. 5:1)
14Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, 15wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”
16Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi. 17UJesu wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” 18Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
19Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha. 20Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
21 Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. 22 Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.
Ukuphulukiswa kweziguli
(Math. 8:14; Luk. 4:31)
23Kwakukhona-ke esinagogeni* umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza, 24 wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
25UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!” 26Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.
27Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.” 28Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile.
29 Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. 30Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye. 31Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza.
32Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni. 33Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. 34 Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi.
35Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. 36USimoni nababe naye bamlandela ngokuphuthuma. 37Sebemfumene bathi kuye: “Bonke bayakufuna.”
38Wathi kubo: “Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho.” 39Wahamba eshumayela emasinagogeni* abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni.
UJesu uphilisa umuntu onochoko
(Math. 8:1; Luk. 5:12)
40 Kwafika kuye onochoko, wamncenga eguqa ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda, ungangihlambulula.”
41UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” 42Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka.
43 Esemyalisisile washesha wammukisa, 44 wathi kuye: “Bheka, ungasho lutho kumuntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.” 45Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.

Currently Selected:

NgokukaMarku 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy