YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMarku 16

16
Ukuvuka kukaJesu
(Math. 28:1; Luk. 24:1; Joh. 20:1)
1Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe. 2Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga. 3Bakhuluma bodwa, bathi: “Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?”
4Bathi ukubheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe; ngokuba lalilikhulu kakhulu. 5Kuthe bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.
6Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona. 7 Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe kanye noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile; nizakumbona lapho, njengalokho eshilo kini.”
8Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthuthumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba.
Ukuzibonakalisa kukaJesu emva kokuvuka kwakhe nokukhuphukela kwakhe ezulwini
9 Esevukile, kusekuseni ngosuku lokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amademoni ayisikhombisa. 10Yena wahamba wababikela labo ababe naye uJesu, besalila bekhala. 11Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye, abaze bakholwa.
12 Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni. 13Nabo bahamba babikela abanye; nalabo abaze bakholwa.
14 Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile.
15 Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. 16Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa. 17 Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha, 18 baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”
19 Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. 20 Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.

Currently Selected:

NgokukaMarku 16: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy