YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaMarku 8

8
UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane ezine
(Math. 15:32)
1Ngalezo zinsuku sekukhona futhi isixuku esikhulu singenakudla, wabiza abafundi bakhe, wathi kubo: 2“Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla. 3Uma ngibamukisa, baye ekhaya bengadlanga, bayakuphela amandla endleleni, ngokuba abanye babo bavela kude.”
4Abafundi bakhe bamphendula bathi: “Umumtu angatholaphi lapha ehlane izinkwa zokusuthisa laba na?”
5Wababuza wathi: “Ninezinkwa ezingaki na?”
Bathi: “Eziyisikhombisa.”
6Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku. 7Babe nezinhlanzana eziyingcosana futhi; esezibusisile wathi abababele nazo. 8Badla, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa. 9Babengathi izinkulungwane ezine; wabamukisa. 10Wayesengena masinyane emkhunjini kanye nabafundi bakhe, weza ezweni laseDalmanutha.
Abafuna izibonakaliso
(Math. 12:38; 16:1; Luk. 11:29)
11 Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. 12Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.” 13Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.
14Kepha babekhohliwe ukuphatha izinkwa, bengenalutho, isinkwa sisinye kuphela emkhunjini. 15Wayesebayala ethi: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.”
16Baphendulana bodwa, bathi abanazinkwa.
17UJesu ekwazi wathi kubo: “Yini ukuba niphendulane ngokuthi aninazinkwa na? Anikaboni, anikaqondi, na? Inhliziyo yenu iselukhuni na? 18 Ninamehlo aniboni yini, ninezindlebe anizwa na? Anikhumbuli yini 19 mhla ngihlephulela abayizinkulungwane eziyisihlanu izinkwa eziyisihlanu ukuthi nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na?”
Bathi kuye: “Ishumi nambili.”
20 “Mhla ziyisikhombisa kwaba yizinkulungwane ezine, nabutha amaqoma amangaki agcwele imvuthuluka na?”
Bathi: “Isikhombisa.”
21Wathi kubo: “Anikaqondi na?”
Impumputhe yaseBetsayida
22Bafika eBetsayida. Base beletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayiphathe. 23 Wayibamba impumputhe ngesandla, wayiholela ngaphandle komuzi, wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla phezu kwayo, wayibuza wathi: “Ubona utho na?”
24Yabheka, yathi: “Ngibona abantu, ngibabona behamba; kungathi yizihlahla.”
25Khona waphinda wabeka izandla phezu kwamehlo ayo, yabhekisisa, yasinda, yabonisisa konke. 26Wayithumela ekhaya layo, wathi: “Ungangeni emzini wabantu.”
Isivumo sikaPetru
(Math. 16:13; Luk. 9:18)
27UJesu wayesephuma kanye nabafundi bakhe, waya emizini yaseKesariya Filipi. Besendleleni, wababuza abafundi bakhe, wathi kubo: “Abantu bathi ngingubani na?”
28Bamtshela bathi: “UJohane uMbhapathizi;” abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngomunye wabaprofethi.”
29Wayesebabuza ethi: “Nina-ke nithi ngingubani na?”
UPetru waphendula, wathi kuye: “Wena unguKristu.”
30Wabayalisisa ukuba bangatsheli muntu ngaye.
UJesu ukhuluma ngokufa nokuvuka kwakhe
(Math. 16:21; Luk. 9:22)
31Khona waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe emva kwezinsuku ezintathu. 32Leli zwi walikhuluma ngokusobala. UPetru wamthatha, waqala ukumkhuza.
33Kepha waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wamkhuza uPetru, wathi: “Buyela emva kwami, Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”
34Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. 35 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa. 36Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na? 37Yingabe angakhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? 38 Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”

Currently Selected:

NgokukaMarku 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy