YouVersion Logo
Search Icon

UNumeri 6

6
Isithembiso somNaziri*
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esithile, isithembiso somNaziri,* ukuzahlukanisela kuJehova, 3 uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla, angaphuzi uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini, futhi angadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo. 4Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe akayikudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini.
5 “ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobuNaziri kungasondeli mpuco ekhanda lakhe; uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sibe side. 6Zonke izinsuku engumNaziri kaJehova akayikusondela esidumbini. 7Akayikuzingcolisa ngoyise noma ngonina, noma ngomfowabo noma ngodadewabo, nxa befile, ngokuba isithembiso sakhe sobuNaziri sisekhanda lakhe. 8Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova.
9 “ ‘Uma umuntu efa ngokuzumayo eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobuNaziri bakhe, uyakuphucula ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphucule ngosuku lwesikhombisa. 10Ngosuku lwesishiyagalombili uyakuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana; 11umpristi uyakunikela ngelinye libe ngumnikelo wesono nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa, amenzele ukubuyisana, ngokuba wona ngenxa yofileyo; abesengcwelisa ikhanda lakhe ngalolo suku. 12Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe, alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.
13“ ‘Nanku umthetho womNaziri lapho izinsuku zobuNaziri bakhe seziphelele wokuthi uyakulethwa emnyango wetende lokuhlangana, 14anikele ngomnikelo wakhe kuJehova, imvu yeduna enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wokushiswa, neyensikazi enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wesono, nenqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula, 15neqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha, nomnikelo wempuphu nowokuphuzwa walokho.
16“ ‘Umpristi uyakukuletha phambi kukaJehova, anikele ngomnikelo wakhe wesono nangowokushiswa wakhe. 17Uyakunikela ngenqama ibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula kaJehova kanye neqoma lesinkwa esingenamvubelo; futhi umpristi anikele ngomnikelo wayo wempuphu nangomnikelo wayo wokuphuzwa.
18“ ‘UmNaziri uyakuphucula ikhanda lobuNaziri bakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.
19“ ‘Umpristi uyakuthabatha umkhono ophekiweyo wenqama, neqebelengwane eqomeni, nomqathane ongenamvubelo, akufake ezandleni zomNaziri, nxa esephuculile ubuNaziri bakhe, 20 umpristi akuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; lokhu kungcwele kumpristi kanye nesifuba sokuzuliswa nethanga lokuphakanyiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.
21“ ‘Lowo ungumthetho womNaziri owenzile isithembiso nowomnikelo wakhe kuJehova ngenxa yobuNaziri bakhe, ngaphandle kokunye angaphumelela kukho; njengesithembiso sakhe asenzayo uyakwenza kanjalo njengomthetho wobuNaziri.’ ”
22UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 23“Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe, uthi: ‘Niyakubusisa kanje abantwana bakwa-Israyeli, niyakusho kubo, nithi:
24 “ ‘ “UJehova makakubusise, akulondoloze;
25uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,
abe nomusa kuwe;
26uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,
akuphe ukuthula.” ’
27“Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa-Israyeli, mina ngibabusise.”

Currently Selected:

UNumeri 6: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy