YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 13

13
1 Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise,
kepha isideleli asilaleli ukukhuzwa.
2 Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe,
kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu.
3 Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;
okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.
4 Umphefumulo wevila uyafisa,
ungatholi lutho,
kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.
5Olungileyo uyazonda amazwi amanga,
kepha omubi ubanga amahloni,
ahlazise.
6 Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iphelele,
kepha ububi buyachitha isoni.
7Kukhona ozishaya ocebileyo,
engenalutho kodwa;
kukhona ozishaya ompofu,
enemfuyo enkulu.
8Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,
kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.
9 Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza,
kepha izibani zababi ziyacimeka.
10Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela,
kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.
11 Imfuyo etholakala kalula iyancipha,
kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.
12 Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;
isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.
13 Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa,
kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.
14 Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila,
ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.
15 Ukuqonda kahle kuveza umusa,
kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.
16 Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi,
kepha isiwula sihlakaza ubuwula.
17 Isithunywa esibi siwela ebubini,
kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso.
18 Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa,
kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa.
19Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni,
kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula.
20 Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,
kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.
21Ububi bulandela izoni,
kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.
22 Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa,
kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.
23Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi,
kepha kukhona okuchithwa ngenxa yokungalungi.
24 Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe,
kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke.
25 Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe,
kepha isisu sababi siyaswela.

Currently Selected:

IzAga 13: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy