YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 19

19
1 Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe
kunophambene ngezindebe zakhe eyisiwula.
2Futhi akulungile ukuba umphefumulo ungabi nakwazi;
oshesha ngezinyawo uyaduka.
3Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe,
kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova.
4 Imfuyo iyenezela abangane abaningi,
kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe.
5 Ufakazi wamanga akayekwa,
nophafuza amanga akayikusinda.
6Baningi abancenga izikhulu;
bonke bangabangane bomuntu wezipho.
7 Bonke abazalwane bompofu bayamzonda;
kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye;
uyabaxosha ngamazwi,
kepha awasekho.
8Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;
ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.
9Ufakazi wamanga akayekwa,
nophafuza amanga uyakubhubha.
10 Ukutamasa akufanele isiwula;
kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.
11 Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe;
kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.
12 Ukufutheka kwenkosi
kunjengokubhonga kwengonyama,
kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.
13 Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise,
nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.
14 Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,
kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.
15 Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima,
nesidenge siyalamba.
16Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,
kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
17 Onomusa kompofu utsheleka uJehova,
nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.
18 Yilaye indodana yakho,
lisekhona ithemba;
ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.
19Onolaka olukhulu uyathweswa ihlawulo,
ngokuba uma umophula,
umelwe ukukuphinda.
20 Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa,
ukuze uhlakaniphe ekugcineni.
21 Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,
kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
22 Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;
ompofu ungcono kunomuntu wamanga.
23Ukumesaba uJehova kungokokuphila;
onakho uhlezi anelisiwe,
akahanjelwa ngububi.
24 Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;
alisibuyiseli nasemlonyeni walo.
25 Shaya isideleli, ongenalwazi uyakuthola ukuqonda;
sola oqondileyo, uyakuqonda ukwazi.
26 Ochitha uyise noxosha unina
uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.
27 Yeka, ndodana yami,
ukulalela ukulaywa,
uyakuduka emazwini okwazi.
28Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela;
umlomo wababi uyagwinya ukona.
29 Izahlulelo zilungiselwa izideleli,
nemivimbo umhlane weziwula.

Currently Selected:

IzAga 19: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy