YouVersion Logo
Search Icon

IzAga 29

29
1 Umuntu osolwayo,
onentamo elukhuni kodwa,
uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.
2 Abantu bayathokoza ngokwanda kwabalungileyo,
kepha ngokubusa kwababi abantu bayabubula.
3 Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise,
kepha umngane wezifebe uchitha imfuyo yakhe.
4 Inkosi iqinisa izwe ngokwahlulela,
kepha umuntu olithelisayo uyalichitha.
5Umuntu othopha umakhelwane wakhe
wenekela izinyawo zakhe inetha.
6 Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe,
kepha olungileyo uyenanela, athokoze.
7Olungileyo uyazi indaba yabampofu,
kepha omubi akayiqondi.
8 Abantu abayizideleli bavusa umuzi,
kepha abahlakaniphileyo babuyisa ulaka.
9 Uma ohlakaniphileyo ephikisene nesiwula,
siyadlova sihleke, nokuthula akukho.
10Abantu begazi bayazonda opheleleyo,
kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.
11 Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,
kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.
12Uma umbusi elalela indaba yamanga,
zonke izinceku zakhe zimbi.
13 Ompofu nocindezelayo bandawonye;
uJehova ukhanyisa amehlo abo bobabili.
14 Inkosi eyahlulela abampofu ngeqiniso,
isihlalo sayo sobukhosi siyakuma phakade.
15 Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha,
kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.
16 Ngokwanda kwababi kuyanda iziphambeko,
kepha abalungileyo bayakubuka ukuwa kwabo.
17Yilaye indodana yakho,
iyakukuphumuza,
yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.
18Lapho kungekho mbono khona,
abantu bayadlubulunda,
kepha ogcina umthetho ubusisiwe.
19Inceku ayisolwa ngamazwi,
ngokuba noma iqonda ayilaleli.
20 Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na?
Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.
21Inceku ekhuliswa kahle kwasebuntwaneni
iyakuba yindodana ekugcineni.
22 Umuntu onolaka uvusa ukuxabana,
nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.
23 Ukuzidla komuntu kuyamthobisa,
kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.
24 Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe;
uyezwa isifungo, kepha akasidaluli.
25 Ukwesaba abantu kubeka ugibe,
kepha owethemba uJehova uyalondeka.
26Abaningi bafuna ubuso bombusi,
kepha ukwahlulelwa komuntu kuvela kuJehova.
27 Umuntu owonakeleyo uyisinengiso kwabalungileyo,
noqotho endleleni uyisinengiso komubi.

Currently Selected:

IzAga 29: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy