YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 37

37
Ubuze benhlanhla yababi
ElikaDavide.
1 Ungazikhathazi ngababi,
ungabi namhawu ngabenza okungalungile.
2 Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani,
babune njengemithana eluhlaza.
3Themba kuJehova,
wenze okulungileyo;
hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;
4zithokozise ngoJehova,
yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.
5 Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;
yena uzakukwenza.
6Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,
nokufanele wena njengemini.
7 Thula phambi kukaJehova,
ulindele yena;
ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,
ngomuntu osongoza amacebo amabi.
8Pheza ukuthukuthela;
yeka ulaka, ungakhathazeki;
kubanga ukona nje.
9Ngokuba ababi bazakuchithwa,
kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.
10Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho;
kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe,
uyakube engasekho.
11 Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba,
bathokoze ngokuthula okukhulu.
12 Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi,
amgedlele amazinyo.
13 INkosi iyakumhleka,
ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.
14Ababi bahosha inkemba,
bansale umnsalo wabo
ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu,
babulale abandlela ilungile.
15Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo,
iminsalo yabo yaphulwe.
16 Okuncane anakho olungileyo kungcono
kunemfuyo yababi abaningi.
17 Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa,
kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.
18 UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho;
ifa labo liyakuma kuze kube phakade.
19 Abayikujabha esikhathini esibi;
bayakusutha ezinsukwini zendlala.
20 Ngokuba ababi bayakubhubha;
izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo:
ziyakunyamalala,
zinyamalale njengentuthu.
21 Omubi uyatsheleka, angabuyiseli;
kepha olungileyo unesihawu, aphane.
22Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba,
kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.
23Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;
uyayithanda indlela yakhe.
24Noma ekhubeka, akayikuwa phansi,
ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.
25Kade ngimusha, manje sengimdala;
angizange ngibone olungileyo eshiyiwe
nenzalo yakhe iphanza ukudla.
26 Usuku lonke uyahawukela,
atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso.
27 Deda kokubi, wenze okuhle,
uyakuhlala kuze kube phakade.
28 Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,
akabashiyi abangcwele bakhe;
bayalondolozwa kuze kube phakade,
kepha inzalo yababi iyachithwa.
29Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba,
bahlale kuwo njalonjalo.
30 Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha;
ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.
31 Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe;
izinyathelo zakhe azisheleli.
32 Omubi uqaphela olungileyo,
ufuna ukumbulala.
33UJehova akayikumnikela esandleni sakhe;
akayikumlahla lapho ahlulelwa khona.
34Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe;
uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba,
ubukele lapho ababi bechithwa khona.
35 Ngambona omubi oyisidlova
ezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;
36 kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho;
ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.
37Mbhekisise ongasolekiyo,
umbone oqotho;
ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.
38 Kepha abaphambukayo bayakubhujiswa bonke;
isikhathi sababi siyakunqunywa.
39 Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova;
uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.
40 UJehova uyabasiza, abakhulule;
ubakhulula kwababi, abasindise,
ngokuba bayamethemba.

Currently Selected:

AmaHubo 37: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy