YouVersion Logo
Search Icon

KwabaseRoma 3

3
AbaJuda banelungelo kunabanye, ngokuba banikiwe umthetho
1Ngalokho kuyini umJuda adlula abanye ngakho na? Kukho, ukusoka kunokusiza kuni na? 2 Kukhulu ngezindlela zonke. Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu.
3 Kunjani pho? Uma abanye bengakholwanga, ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholeka kukaNkulunkulu na? 4 Qha nakanye; kepha makube ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho,
unqobe ekwahlulelweni kwakho.”
5 Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? Imbala uNkulunkulu ungongalungile yini owehlisa ulaka na? Ngikhulumisa okomuntu. 6 Qha nakanye, ngokuba uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe, pho, na? 7Kepha uma iqiniso likaNkulunkulu lavama ngamanga ami, kube yinkazimulo yakhe, ngisahlulelelwani futhi mina njengesoni na? 8 Kungabi ngukuthi, njengalokhu sihlanjalazwayo nanjengalokhu abanye bathi siyasho ukuthi asenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukulahlwa kwabo kubafanele.
AbaJuda banesono njengabanye
9 Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono, 10 njengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Akakho olungileyo,
akakho noyedwa;
11akakho oqondayo,
akakho ofuna uNkulunkulu;
12bonke baphambukile,
baphenduke imbuqa bonkana;
akakho owenza okuhle,
akakho noyedwa.
13 Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo,
ngezilimi zabo bayakhohlisa,
isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo;
14 umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba;
15 izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi,
16incithakalo nosizi kusezindleleni zabo,
17indlela yokuthula abayazi.
18 Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.”
19 Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu, 20 ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.
Umuntu ulungisiswa ngoJesu Kristu
21 Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi, 22 ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko; 23 ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; 24 balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu, 25 ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili 26ekubekezeleni kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.
27 Ngakho kuphi ukuzibonga na? Kuvalelwe phandle. Ngamthetho muni na? Ngowemisebenzi na? Qhabo, kodwa ngomthetho wokukholwa. 28 Ngakho-ke sithi umuntu ulungisiswa ngokukholwa ngaphandle kwemisebenzi yomthetho. 29Kumbe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Kasiye nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe, 30 uma impela uNkulunkulu emunye oyakulungisisa abasokileyo ngokukholwa nabangasokile ngokukholwa. 31 Ngakho-ke umthetho siwenza ize ngenxa yokukholwa na? Qha nakanye, kodwa siyawuqinisa umthetho.

Currently Selected:

KwabaseRoma 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy