YouVersion Logo
Search Icon

UZakariya 3

3
UJoshuwa umpristi omkhulu ephambi kwengelosi kaJehova
1Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye. 2 UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?”
3UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; wayemi phambi kwengelosi. 4 Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo, yathi: “Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo.” Kuyena yathi: “Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.”
5 Ngase ngithi: “Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe.” Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, bamembathisa izingubo, ingelosi kaJehova isemi khona.
6Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi: 7“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.
8 “ ‘Ake uzwe, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela. 9 Ngokuba bheka, itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha ukuqoshwa kwalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngidedisele kude ububi balelo zwe ngalusuku lunye.
10 “ ‘Ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘niyakumema, kube yilowo nalowo umngane wakhe phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ”

Currently Selected:

UZakariya 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy